Monday, 6 June 2016

Umamlambo inkosazana emhlophe

Mamlambo nkosazana emhlophe. Uwumzali owondlayo kwabahluphekile. Abampofu baphephela kuwena. Baningi abakusabayo kodwa besabiswa ukuzwa izitori ezingekho ezikhulunywa abantu bengcolisa igama lakho. Phela wena waziwa izwe lonke ngokulunga nenhlanhla oyipha abantu kodwa makuza kubantu abamnyama bakhuluma yonke inyakanyaka engekho le. Phela wena awuhluphi imindeni njengoba abantu becabanga. Ilezo zinyanga ezingenalwazi ezihamba zijika imisebenzi yakho emihle ziyenze mibi. Phela njengabantu emhkabeni kukhona abalungile nabangalunganga. Kufana nemali.....ungayisebenzisela okubi futhi ungayisebenzisela okuhle. Ina nabantwana bakho abaningi esesibasizile bacokama ezihlalweni bathenga izimoto, izindlu nakhokonke. Bathi angikutshele ukuthi bayabonga kakhulu ngezimanga ezinhle obenzela zona. Ubabusise njalo nkosazane emhlophe. Inkanyamba yemali le.

Friday, 15 April 2016

Ngiyazithoba

Nithe ngithule ngihleli phambi kwakho wase uvela.

Isikhumba sakho sicwebezela kuhle kwegolide sikhazimula.

Ube usuhleka ungibonisa izimfihlo zomhlaba.

Wabe usuchaza ngebuhlungu inhliziyo ngobubi abantu abakukhikumayo ngawe.

Ube sewuchaza ukuthi wena uaebenza ngokukhanya njengoba ungalimazi muntu.

Wabe usuthi kufana nabantu emhlabeni, kukhona abalungile njengoba nabangalunganga bekhona futhi.

Ngibe sengizwa imfudumalo esandleni sakho, ngase ngibona ukujabula kwabo bonke abantu esesibasizile bevela nemindeni yabo bejabulile

Ilokhu okufudumeze izinhliziyo zethu sabe sesijabula.

Wathi wena abantu abaphile nemindeni yabo ngo konke nke okifunakalayo imali bakwazi ukuphila kahle bacebe badlule izigwili ezike zaba khona. Wena ubavikela njalo nasezitheni zabo bakwazi ukuphila impilo ende ejabulile.

Lokhu kuyimfundiso yakho

Ngiyabonga nkosazane emhlophe